Uthi ukhetha iNingizimu Afrika uWalaza

Owine izindondo kuma-Olympics uthi ukhetha amanyuvesi aseNingizimu Afrika ngesikhathi ethola izicelo zamaNyuvesi aphesheya.

UBayanda Walaza (18) wenqabile izicelo zamanyuvesi amathathu aseMelika ngoba ethi yena uzithandela futhi uthemba amanyuvesi asezweni lakhe eNingizimu Afrika.

UWalaz ukusho lokhu ngoba ethi ukhethe ukuqhubeka nezifundo zakhe lapha eMaznsi Afrika, wakhetha ukuhlala ngaphansi komqeqeshi wakhe owabamba elikhulu iqhaza empumelelweni yakhe kumaWorld Athletics U20 Championships.