
IMeya kaMasipala wase-Alfred Duma, uKhansela Zama Sibisi, isingathe uhlelo lokufudumala kwasebusika lwezaguga ehholo lomphakathi eMatiwane kuWadi 23, ngaphansi kukaCllr TP Dlamini, kanti kulomcimbi bekuphume nesidolo ngoba nezikhulu zikamasipala kanye nezinduna nabo bebeyingxenye yalomcimbi.
UCllr Dlamini wethule wamukela bonke abaholi abakhona kwase kuthi induna uKhumalo yemukela wonke umuntu yabe isibonga uMeya kanye noKhansela Dlamini wabo weWadi ngokuhlale bebeka eqhulwini amalungu omphakathi nokuhlelela izaguga umcimbi onjena.
Ukukhulekela kwayo, iMeya, enkulumweni yayo yosuku, ibonge ukuba khona kweNdlunkulu, izinduna, izaguga, izikhulu zikamasipala, amakomidi ezigceme nabezindaba. Ubonge kakhulu uCllr Dlamini ngokudidiyela umcimbi wabantu abadala kungakhathalekile ukuthi baliphi iqembu lezepolitiki. Unxuse amalungu omphakathi ukuthi aleseke ikhansela lawo futhi alinikeze umhlahlandlela uma kunesidingo. Ubazise nokuthi uzovakashela eNdingeni ngoMsombuluko.
Inhloso yalolu hlelo ukukhombisa uthando kubantu abadala kanye nokuqinisekisa ukuthi bahlala befudumele ngalesi sikhathi samakhaza. “Izakhamizi ezindala ziyizinsika zomphakathi wethu njengoba zondla imindeni yazo ngezibonelelo ezizitholayo futhi zihlobisa abaholi bakusasa,” engeza.
Imeya iphinde yagqamisa ukuthi umasipala uyakuqonda ukuthi ukubakhona kwabantu abadala emiphakathini yethu kunomthelela omkhulu futhi kubambe elikhulu amathemba esizukulwaneni esizayo njengoba abadala bewazi umgwaqo obheke intsha. Intsha yanamuhla ayisebenzi futhi inenkinga yokusebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala.
Umasipala usuqale izinhlelo zokulwa nobubha ezinye zazo ezihlanganisa nokusatshalaliswa kwamavawusha kwabadayisi abasafufusa ukuze babasize emabhizinisini abo. IMeya inikele ngezingubo zokulala ezingama-75 kubantu abadala baseMatiwane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
