Kuboshwe iphoyisa ebelephula umthetho wezimpahla zomgwinyathi

U-Ephraim Ndlovu, ongu-Warrant Officer oneminyaka engu-54 ubudala osebenzela e-JHB Central SAPS, uboshwe kanye nesizalwane saseMozambique, u-Isabe Jamise kanye nowesizwe saseZimbabwe, u-Mulla Adane oboshelwe ukwephula umthetho wezimpahla zomgunyathi e-Jeppestown.

Kusolwa ukuthi leli phoyisa beliphelezela imoto ebithwele izimpahla ezisuka eMozambique ilibangise eGoli.

Amaphoyisa abelokhu eqaphile imoto yohlobo lweToyota Quatum ebishayelwa uPhoyisa uNdlovu ngemuva kokuthola imininingwane.

Amaphoyisa ayilandele le moto yaze yafika eJeppestown, lapho kwaphenywa khona kwatholakala amasaka angu-36 ezimpahla zomgunyathi ezinenani elingaphezu kuka-R3 million endaweni yokugcina impahla.

Kushaqwe izimoto ezintathu okuyiToyota Quatum, Kia Sportage kanye neHyundai okukholakala ukuthi ngezobugebengu. Uphenyo lisaqhubeka.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.