Uhambele izikhamuzi zase Mthonjaneni Meya kamasipala wase Dumbe

Usodolobha wase Dumbe uhambele lezakhamuzi ngenhloso yokugqugquzela izakhamuzi ngokushaya omazisi phecelezi ID. Uphinde wabamba iqhaza elikhulu lokusiza abadinga izitifiketi zokuzalwa, waqhakambisa ukuthi kumqoka kanjani ukuhlangana nezakhamuzi.

Khona manjalo uphinde wathembisa izakhamuzi zase Mthonjaneni ukuthi uzokwenza uhlelo lokuthi kube khona izimoto zikamasipala ezizothutha izakhamuzi ukuthi zizoshaya omazisi emnyangweni wezase Khaya, kuzokhumbuleka ukuthi ezindaweni eziningi zase makhaya bayashoda ngomazisi nangezitifiketi zokuzalwa kwabantwana njengoba kukhona abantwana abazalelwa emakhaya.

Lomasipala uhamba phambili ngokugqugquzela abantu ngokwenza omazisi, kanti khona manjalo lomasipala wase Dumbe uhlala nabantu njalo njengoba uqhuba intuthuko yabantu. Lesikhwishi seMeya sihlale sihlangana nezakhamuzi zase Dumbe ngenhloso yokuzwa izinkinga zabantu nokuxazulula izinkinga zezakhamuzi.

Usomlomo kamasipala wase Dumbe uDj Nhlengethwa, nokhansela uThulebona Mthethwa kade beyinxenye yalomsebenzi nabasebenzi bomnyango wezasekhaya.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.