
I-video kaNobhala weSANCO KwaZulu-Natal evuma ukuthi ukuqhuba imikhankaso yendlu ngendlu kulokhu kuzoba nzima kumalungu enhlangano yomphakathi esebenzisana neqembu elibusayo.
UMnuz Sizwe Cele obekhuluma eZululand ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, uthe yize kunjalo kodwa kumele bakhunjuzwe abavoti ukuthi i-ANC ixhumana nabo mihla namalanga kunokuthi ivakashe kubona kuphela ngesikhathi sokhetho.
Nokho uCele wenza izinsolo ezingenabufakazi zokuthi abantu abamnyama nosomabhizinisi abamnyama eWestern Cape naseGoli lapho kuphethe khona iDA, sebelahlekelwe yizimfanelo ezithile ezitholwa abanye kwezinye izindawo eNingizimu Afrika.
WATCH: A video of the secretary of SANCO in KwaZulu-Natal admitting that conducting door to door campaigns would this time around be difficult for members of the civic organisation which is in alliance with the governing party. Sizwe Cele who was speaking in Zululand a few days… pic.twitter.com/uV0Ma9dZi3
— Sihle Mavuso (@ZANewsFlash) February 2, 2024
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
