
Ohlelweni lwamasu okuthola ukwesekwa kwabavoti, uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa useveze izinhlelo zokwakhiwa kwesigodi esinemizi engu-1000 yabazalwane baseBuhleni bebandla iNazareth Baptist Church eNanda, enyakatho yeTheku. Lo mklamo uhlose ukubhekana nezidingo zezindlu zamalungu aleli qembu angaphezu kwezigidi ezinhlanu.
Lesi simemezelo siphume izolo enkonzweni yokuphothulwa kohambo lukaJanuwari olubheke entabeni engcwele yaseKhenani. UMengameli uRamaphosa uxoxe nebezindaba, wathi, “UMdumiseni Ntuli nguyena ozobe edidiyela lolo hlelo. Uzosebenzisana naMakhosi, abefundisi bamabandla, nabavangeli bebandla. Bazoqinisekisa ukuthi lo msebenzi uyaphumelela. Sizokwakha izindlu lapha, cishe izindlu eziyinkulungwane ezinezindawo zokugeza.”
Lesi senzo sithathwa njengemizamo ye-ANC yokuqinisekisa ukwesekwa kweleliqembu yiNazareth Baptist Church ngaphambi kokhetho oluzayo. Leli bandla laziwa ngokuba namalunga aminingi kuleli nase-Afrika, seliphenduke isizinda sabaholi bezepolitiki abafuna ukuxhumana nesizinda esikhulu sabavoti.
Ibandla, iNazareth Baptist Church, elibuye laziwe ngokuthi ikwaShembe, okuyusibongo somsunguli kanye nomholi oliholayo, libe yisizinda sabaholi bezepolitiki abahlukene bamaqembu ehlukene njengoba bekukhona nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma. Ngo-2017, uRamaphosa wacela izibusiso ebandleni ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.
UMengameli, ngesikhathi esenza lesi simemezelo, uphinde wanxusa ukuba kukhulekelwe ukuthula ezweni, egqamisa ukubaluleka kobumbano nokuzwana phakathi kwemizamo yezepolitiki.
Lolu hlelo lwezindlu kulindeleke ukuthi lungagcini nje ngokubhekana nezidingo ezinqala zezindlu zamalungu ebandla kodwa luphinde lusebenze njengesenzo sepolitiki sokuqinisa ubudlelwano phakathi kwe-ANC neqembu lezenkolo elinamandla. Njengoba isizwe sibuka lezi zintuthuko, ukuphambana kwezombusazwe kanye nokuthuthukiswa komphakathi kuba yisizinda sokhetho oluzayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
