
UMnyango wezokuMbiwa Phansi ukuqinisekisile ukuthi angu-13 amagalaji kaphethiloli esifundazweni atholwe edayisa udizili osumdala. Sekudlule usuku uMnyango udalule okungenani iziteshi ezingu-70 ezweni lonke ezidayisela amakhasimende udizili owumkokotelo noxutshwe nopharafini.
I-KZN ibingekho ohlwini lokuqala lwezifundazwe, kodwa uMnyango uthe uphenyo lwayo lusaqhubeka. Ithi izikhulu bezilokhu ziqoqa imininingwane kusukela ngo-2007 njengengxenye yohlelo lweFuel Quality and Monitoring Programme. Okhulumela le nhlangano uRobert Maake uthi inkinga idlangile emagalaji angenalo igama.
UMaake uthi balindele ukuthi lesi sibalo sinyuke, njengoba amasampula athathwe eziteshini ezingu-1080 ezindaweni ezingu-4000. “Umnyango uzokhipha isaziso sokuthobela umthetho esiteshini senkonzo ngokushesha uma sesithole umphumela elabhorethri, futhi lokhu kuzonikeza isikhungo izinsuku ezingaba ngu-14 ukuba siphendule ngokulungiswa.”
“Uma bengaphenduli zingakapheli izinsuku ezingu-14 bazothola isaziso sokugcina esiveza nokuthi abazange baphendule, bazonikezwa ezinye izinsuku ezingu-14. Uma namanje bengaphenduli, umnyango uyobe usuqala uhlelo lokukhansela ilayisensi yokusebenza.”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
