
URichard Makhoba oyimenenja ye Royal Am usolwa ngokuba yimpumputhe edukisa umengameli we Royal Am uShaun Mamkhize. Ngokuthola ngomthombo ongaphakathi ku Royal AM kusolwa lesikhulu esingummeli ukuthi sidukile futhi sidukisa Mamkhize ngomthetho webhola, “kudala aqala ukuhlwathiza lomuntu ngempela” kubika umthombo.
Kusukela kuRoyal AM wamfaka ehlathini ngodaba lokukhokhela abadlali abafana noDomenic ISaacs noPhilani Zikalala njengoba equbekile noSamir Norkovic, Ricardo Nascimento lomdlali wase Brazil umukweleta imali engu R620000, Norkovic yena ngu R12 Million.
Kuyangixaka ukuthi uMakhoba ngoba ungummeli kungani emdukisa kanjena ngoba phela ngabe nguyena ombonisa indlela kepha unhlanhlatha ehlathini elimnyama. Njengoba ubona ukuthi -iFIFA igadla iphindelela ku Royal AM ngisho nenhlangano yabadlali yagadla yaphindelela ku Royal AM.
Ngibona ukuthi leliqembu lizohlala lihaqwe yizikweletu zabadlali . njengoba asazi ukuthi ngabe esinye sezingameko esikhulu esizoqhamuka sithini sona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
