Ikuphindile lokho indlondlo yezibalo ne Physical Science KwaZulu-Natal

Ugile izimanga umnyango weze Science KwaZulu-Natal oholwa yindlondlo yezibalo, Physical Science ,Life Physics. UThisha Hlakaniphani Sihlabani Ngubane ofundisa Nwabi High school eNgonyameni, ngesikhathi ebikela IBUNDA IZINDABA enxoxweni ekhethekile, uNgubane ubongele abafundi bakamatikula etsheni KwaZulu-Natal. Ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla nokubambisana nothisha, waphinda bonga bonke abazali babambe iqhaza elimqoka kubafundi. “Iqiniso abazali bayasalela kakhulu emuva ekubhekeni umsebenzi wabafundi. Ngiphinde ngibonge bonke othisha abasebenze ngokuzikhandla nokuzinikela emsebenzini wabo. Njengoba kulonyaka lesifundazwe sithole indawo yesibili kuzwelonke lokho kuchaza khona ukuthi kube khona ukubambisana phakathi kwabafundi nothisha nama Schools Government Board nabazali, abahloli, nezakhamuzi zase Ningizimu Africa, abaphathi bezemfundo.

Kuyangithoba kakhulu ukubona umsebenzi omuhle kanjena owenziwa ngothisha. Abafundi abangaphumelelanga kuzomele baqale phansi bazame kuzolunga. Kubalula mangabe kunohlelo ezikoleni lokusebenza kuphinde kubenzima kakhulu ezikoleni ezingenalo uhlelo lokusebenza.
Kumanje abafundi baqalile bayafunda njengoba balwela ukuphasa kahle mangabe kuphela unyaka kunabafundi abathole imfundaze phesheya kwezilwandle. abaqhamuka ezikoleni zaKwaZulu Natal.

Nginxusa nabaphathi bezikole zabantu abamnyama basike iphethini ezikoleni zabantu abamhlophe ngendlela abenzangayo izinto, ezemidlalo ezahlukene ziyadingeka kakhulu ngoba khona abafundi abanamakhono amangalisayo kodwa bona abaphiwe kahle ekufundeni, kumele nabafundi sibamele kahle njengoba umsebenzi awukho eNingizimu Africa. Kumele bahlanganise amakhono abo bawashebanise nemfundo khona okuzophuma. Mangabe uyabheka abadlali abaningi abadlala emaqenjini amakhulu ku Rugby ne Crickets baqhamuka ezikoleni zabezinhlanga, ababona othisha kodwa bangabadlali.” kusho uNgubane ophinde wagqugquzela othisha ukuba benze izifundo zokuqeqesha ku SAFA ne CAf.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.