
IMeya kamasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli uhole udwendwe lokukhumbula nokuhlonipha umlando weNgonyama uCetshwayo wesizwe samaZulu. Namuhla uMeya uThami Ntuli, uhloniphe futhi waqhakambisa amagalelo kanye izinyathelo zokugcina zeSilo uCetshwayo, otshalwe eNkandla ngaphansi kwesizwe sakwaShezi yalwa impi yaseSandlwana ngoMasingana we-1879 yanqoba impi yombuso wamaNgisi. Nokho kwathi ngoNtulikazi wonyaka ofanayo ibutho lamaNgisi laphinde lahlangana lawanqoba amaZulu lashisa nenhloko-dolobha yakwaZulu oLundi. Ngokuhamba kwesikhathi iSilo uCetshwayo sadingiswa.
Namuhla uNtuli uhole ithimba ebelivakashele ePort Dunford eRichards Bay lapho iNkosi uCetshwayo igibele khona umkhumbi owamyisa ekudingisweni ezweni laseNgilandi. Yilo futhi itheku lasePort Dunford alisebenzisa ngesikhathi ebuyela ebukhosini bakwaZulu ngemuva kokuhlangana nendlovukazi yamaNgisi. Wabe esedingiselwa eShowe lapho ashonela khona ngo-1884. UMhlonishwa uMeya uNtuli ubeka izimbali khona. Udwendwe lwaphelela ethuneni leSilo eNkandla.
The Mayor of King Cetshwayo district municipality, Thami Ntuli today led a procession to retrace the last steps of the legendary King Cetshwayo of the Zulu nation. King Cetshwayo who is buried in Nkandla under the Shezi clan ordered the battle of Isandlwana in January 1879 and… pic.twitter.com/NpRxANxMDi
— Sihle Mavuso (@ZANewsFlash) January 18, 2024
Ezinye izithombe zalomcimbi:



Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
