
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igwebe udilikajele owayeyibamba lesizwe sakwaZondi eNkandla, uNksz Lizzy Khethiwe Zondi (52) nowayeyinduna uMnuz Wilmot Celimpilo Shabangu (62) ngokuthinteka ekubulaweni kwenkosi uMzomuhle Zondi (24). Inkosi uZondi yabulawa emzini wayo ngoNovemba 2021, kanti ngaphambi kokuthi ibulawe, uKhethiwe wayeshade nenkosi uZondi (uyise weNkosi) ongasekho nokuthe ngemuva kokushona kweNkosi, waqokwa njengebamba esizweni sakwaZondi. Kwathi ngoba esolwa naye ngokuthandana noShabangu, owamqoka njengondunankulu futhi esebenza ngaphansi kwakhe ngesikhathi esanda kushona umyeni wakhe.
Ngenxa yokuziphatha kwakhe okuyihlazo, amalungu aphezulu esizwe axoxisane noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, wabe esekhishwa esihlalweni. Umufi uZondi waqokwa ukuthi athathe izintambo, lokho kwamcasula uKhethiwe noShabangu. Babe sebebopha itulo lokubulala inkosi uZondi, becela usizo kushayinti owaziwa ngelikaMkhize.
Ngobusuku bangomhla zili-10 kuLwezi wezi-2021 badlulela kwelinye lamabhilidi endlu yobukhosi lapho bafike badubula babulala khona inkosi encane uZondi. Emva kwalokho bacasha, kwathi uKhethiwe noShabangu baboshwa emva kwenyanga eMsinga. UMkhize usagcwele amathafa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
