
Kuzobe kukhala ibhungezi emadolobheni akuMasipala weTheku kusasa njengoba ama-Informal Trader (okungabahwebi basemgwaqeni) kulelidolabha bazobe begcwele enkantolo eCR. Laba hwebi bafake uMasipala weTheku enkantolo ngoba bekhala ngokokuthi lomasipala awusabafuni ukuthi badayise emigwaqeni yalomasipala ngoba bayangcolisa. Labahwebi basola uMasipala weTheku ngokuthi usuphakamise ukuthi awusabadingi ukuthi badayisele emigwaqeni yezindawo zakulomkhandlu ngoba bangcolisa lelidololobha. Kuzokhumbuleka ukuthi uMasipala weTheku uphezulu nomkhankaso wokukhuculula amadolobha alomasipala njengoba elibolile ukungcola nokuvithika kwenqalasizinda.
UMasipala weTheku bewaziwa njengomasipala ohamba phambili ngenhlanzeko eyayiwumthelela omkhulu ekuheheni izivakashi kunyuke nomnotho. Lokho kubukeka kushabalala njengazomazolo ebona ilanga. Amadolobha akulomasipala okubalwa idolobha i-Durban CBD, Isiphingo kanye nePinetown yiwona ahamba phambili ngokungcola ngoba ehlelwe kakhulu yizinga lenhlanzeko esikhathini engidlule eminyakeni eyeshumi nanhlanu (15) edlule. Imigwaqo, izindawo zokuhamba abantu, ingemuva kwezitolo, amabhilidi kanye namaRenke kuyanuka phu kulamadolobha, kanti namalokishi akhele lamadolobha kuyefana.
Abadayisi bavuke umbhejazane begxeka lesiphakamiso ngoba bekhala ngokuthi lesiphakamiso sikamasipala siyabalulaza, asikho emthethweni futhi sizobalambisa bona kanye nemindeni. Babuza ukuthi sebezoziphilisa ngani uma bephucwa isinkwa umasipala. “Bathi sizoziphilisa ngani uma bethi asingabe sisadayisa ematufuleni . Umasipala wazi kahle kamhlophe ukuthi thina siziphilisa ngokudayisa lapha ematafuleni, izingane zethu sizikhulisa futhi zifundiswa yilemali esiyithola ngokudayisa lana.” Kusho omunye umhwebi ozwakalise ukungenami ngalezindaba.
Omunye umhwebi unanele ngokuthi ngokuthi imbudane lento kaMasipala weTheku ukuthi bona abangcolisa amadolobha, ngoba bona banezinhlelo nemkhankaso nawo umasipala zokugcina indawo abasebenzela kuzona zihlanzekile. “Yabona nje iyaxaka lento eyenziwa uMasipala weTheku yokuthi thina singcolisa idolobha, thina kwazi noma yimiphu umhwebi ukuthi sinezinhlelo esinazo zokuthi sigcine izindawo esisebenzela kuzo zihlanzekile. Kwanawo umasipala uyazi ukuthi sibambisene nawo ngazo lezinhlelo zokugcina idolobha lihlanzekile, manje asazi ukuthi sebekethathaphi ukuthi manje thina kumele awusasifuni ngoba singcolisa idolobha.” kusho lomhebi othe unguSipho.
“Umasipala akangathi uma ehluleka yena ukugcina amadolabha akhe ehlanzekile ngenxa yezinkinga zabo bese egxumela kuthina athi thina kumele sivalwe ngoba singcolisa amadolobha. Bona kumele balungise izinkinga zabo nje ngaphandle kokukhomba ngeminwe. Akungadlalwa ngathi, usholo ukuthi njengoba zonke izindawo kulomasipala ziqhunyelwa izitamkoko, kunuka indle emadolobheni onke, konke lokho kubangelwa umdayisi wasemgwaqeni? Akungadlalwa ngathi ngoba sibukeleka phansi. Siyazixhasa futhi siziseke zonke izinhlelo zokugcina idolobha ezifika nomasipala, kodwa bona sebekwazi ukuthi asivalwe ngoba siyangcolisa, bathi siziphilise ngani ke thina?” Kuphetha uSipho ongumhwebi etafuleni, obumbona nje iyamcasula lendaba.
Encwadini yasenkantolo efakwe ama-Informal Traders, kuvela ukuthi zintathu izinhlaka zalomasipala ezimangalelwayo. UCity Manger uyena ongummangelelwa wokuqala, uMasipala weTheku ube ummangelelwa wesibili, bese kuthi amaphoyisa kamasipala iDurban Metro Police Services angummangelelwa wesithathu. Icala lizoqala kusasa ngo 09H00 ekuseni enkantolo enkulu (esahleli sikhashana) eCR, ngenxa yokulungiswa kwenkantolo enkulu eku-12 Dullah Omar Road, enkabeni yedolobhala iDurban CBD (eThekwini). Kulindeleke ukuba kugcwale ngokweqile enkantolo kusasa njengoba kuzobe kuvalwe wonke amatafula abahwebi. Udaba luyaqhubeka.

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
