Isexwayiso ngezinye izimvula eziphazamisayo eKZN

ISouth African Weather Service (Saws) isiphinde yakhipha isixwayiso ngezimvula ezinkulu futhi eziphazamisayo KwaZulu-Natal. Sekuyinsakavulela umchilo wesidwaba, ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal njalo sihlaselwa izimvula ezishiya kukhalwa ezindaweni eziningi ezahlukeni. Ihhovisi lesimo sezulu selikhiphe isexwayiso sezulu esisawolintshi esikwizinga lesi-5 mayelana nemvula ephazamisayo ezindaweni ezisempumalanga nasenyakatho yesifundazwe.

Kukhishwe isexwayiso sesimo sezulu esiphuzi ezingeni 2 mayelana nezimvula eziphazamisayo nasentshonalanga naseningizimu ye-KZN. Ihhovisi lesimo sezulu lithe izimvula ezinamandla zingadala izikhukhula futhi izakhamizi ziyanxuswa ukuthi zithathe izinyathelo zokuphepha.

I-KZN ihlaselwe yizimvula ezinamandla kusukela ngoDisemba nyakenye, ezadala izikhukhula zadala umonakalo nekungqalasizinda okushiye okungenani abantu abangu-13 belahlekelwe izimpilo zabo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.