
IBafana Bafana ilahle amaphuzu amathathu emdlalweni wayo wokuqala kwi-African Cup of Nations esigabeni saku Group E. Lomqhudelwano wamazwe ase-Afrika ubanjwelwe ezweni lase-Ivory Coast.. IBafana Bafana iqale yathola iphenathi ngesikhathi Evidence Makgoba edlaliswa kabi ngumdlali wasemuva we IMali kodwa isithenjwa sebafana, uPercy Tau oyithathile uvele wayishaya yashaya Cross Bar. Nesiwombe sesibili ibuye ngamandla iMali, yashaya amagoli amabili ngaphansi kwemizuzu eyisithupha evalelwa enethini ngukaputeni uHamari Traore no Auxerres Lassime Sinayoko.
Lamagoli angene ngenxa yamaphutha abadlali basemuva uSiyanda Xulu ohlukile ukuvimba Hamari Traore waphenduka naye, kubonakalile ukuthi Xulu no Mothiba Mvala abahlangani nhlobo, badale lamaphutha ngenxa yokuthi abakhulumi, kanti bangabadlali abanamaphutha ngisho emaqenjini abo, bayadlisela kakhulu njengoba uXulu nguyena odlisele leliqembu le Bafana Bafana, njengoba nasemdlalweni wokugcina we Dstv Premiership League iqembu lakhe iSuper Sport United idliwa yi Richard Bay FC wayidlisela.kudala lomdlali edlisela amaqembu afana ne Kaizer Chiefs, kodwa abaqeqeshi bayamthanda ku Bafana Bafana. kusale umdlali odlalayo we Orlando Pirates uThapelo Xoki, khona manjalo umqansa usuqalile kumqeqeshi uHugo Brooks njengoba eqale kabi ngokuhlulwa.
umdlalo olandelayo we Bafana Bafana izodlala ne Namibia omakhelwane, bona abamangaze Africa yonke ngesikhathi bevulela induku kompetha bango 2004 iTunisia. mangabe umqeqeshi ezobuya no Mvala, Xulu, uzoyidlisa iBafana Bafana ethanda noma engathandi, ngoba iNamibia inabagadli abasheshayo abaholwa ngu Peter Shalulile, Deon Hotto.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
