
UZiba Jiyane, owayenguSihlalo kazwelonke we-IFP usejoyine i-MK Party esekelwa owayenguMengameli Jacob Zuma. UJiyane usanda kuqinisekisa isenzo sakhe sakamuva sezepolitiki. Ngemuva kokungaboni ngaso linye noMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho, owayengumsunguli we-IFP, uJiyane wasungule iNADECO kodwa yashabalala lapho exoshwa khona nguMfundisi uHawu Mbatha. UJiyane usewahambile amqembu ngoba emuvakokushiya kuNADECO waba yilungu lamaqembu amaningi okubalwa iDA neNFP, kanti kamuva i-ANC ngoba waphinde wanyamalala.
UJiyane uzivumele ukuthi yena usejoyine lenhlangano esanda kubunjwa eholwa uMsolozi. “Yebo, ngijoyine iqembu leMkhonmto wesizwe njengelungu, SasinoMsholozi ezinkambini zamasosha zoMkhonto wesizwe kanye ne-APLA, ngokulandelana. I-OAU kanye ne-UN bahloniphe amaqembu amabili e-Liberation Political Parties: i-ANC ne-PAC, namaphiko ahlomile, njengabamele umbutho wenkululeko yaseNingizimu Afrika,” kusho uZiba Jiyane.
Kanti kuzokhumbuleka ukuthi uJiyane kanye noZuma babesebenzisana ndawonye ngesikhathi kuzama ukuqedwa kodlame lwezepilitiki olwake lwahlasela isifundazwe saKwaZulu-Natal ngesikhathi sama-90’s.

About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
