Banikezwa izinhlawulo ezincane Othisha abasize abafundi bakopela

Yize abafundi abatholakala benecala lokukopela ezivivinyweni zika-matric ka-2022 begwetshwe kanzima kunabo bonke abavumelekile, othisha ababasiza baphunyukwe yimpama esihlakaleni.

UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, udalule ukuthi okutholwe wumnyango wakhe ngezinsolo zokukopela ezivivinyweni zeNational Senior Certificate, ezithinta abafundi abangu-1 189 ezifundazweni eziyisithupha, kubathole benecala.

“Abafundi kula macala batholwe benecala lokungaziphathi kahle ukuze bathole inzuzo engafanele ngesikhathi kubhalwa izivivinyo futhi bagwetshwe isikhathi eside futhi banqatshelwe ukubhala izivivinyo ezintathu ezilandelayo.

“Bazovunyelwa kuphela ukuthi babhale izivivinyo zangoNovemba 2024, uma sekuphele isikhathi sokujeziswa,” kusho uMotshekga ephendula umbuzo obuzwe nguSiphosethu Ngcobo we-IFP, oyilungu lekomiti lezemfundo eyisisekelo esigungwini sikazwelonke.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.