Unyelwe yinyoni umsubathi waseMtshezi

USbonelo Khumalo umsubathi. Isithombe: uAlfred Ngubane

USbonelo Khumalo unyelwe yinyoni ngokuthola umfundaze phesheya kwezilwandle ezweni lase United States of America. Khumalo ngowase eMtshezi endaweni yaKwahlathikhulu, uqale ukugqama kwezokusubatha esafunda amabanga, kuthe mangabe esefunda Kwahlathikhulu High school waqala wamela isifundazwe saKwaZulu Natal, kuma National Cross country lapho wayinqoba kalula umfoka Khumalo wagcina esengumphetha wayo, ngemuva kwalapho akabanga esabheka emuva, njengoba iqembu elisungulwe ngo 17 October 2020 Xcel Running Club ulijoyinile ngo 2021 kade linonyaka lisunguliwe ngonyaka wesifo se Covid 19, wafika Xcel Running Club iqala ukuhlabana njengoba ibibophele abasubathi abaningi abasebancane abafana no Ndumiso Sokhela, Ayanda Ngcobo, Xcel Running Club ibambe elikhulu iqhaza lokuthi athole umfundaze. njengoba wagijima imidlalo efana ne Harry Gwala Marathon, Durban international, Prince Mangosuthu Marathon, Best of the Best Marathon, Capital City Marathon, Khumalo ukhulume ne Mpempe. Com ekhona USA, waqinisekisa ukuthi uyafunda aphinde agijime khona, khona manjalo Xcel Running Club igubha iminyaka emthathu yasungulwa ngomhlaka 17 October 2020, Xcel Running Club isibambe iqhaza emjahweni engu 78, singabala Best of the Best Marathon, Prince Mangosuthu Marathon, Durban International Marathon, Capital City Marathon, Umzila ka Tambo Marathon, Imbube Marathon Swaziland, Harry Gwala Marathon, neminye, leliqembu selisabalele Gauteng njengoba linabasubathi abangu 300 laphinda lasabalala nasemazweni angomkhelwene Zimbabwe, Botswana, Swaziland, Lesotho, kubasubathi balo abahamba phambili khona Jenet Mbele onamagolide amabili kuma ASA Marathon ne Comrades Marathon, Tebello Ramakonguana ungene endaweni yesithathu kuCape Town Sanlam Marathon, khona Sbusiso Kubheka, Sbusiso Cele ubonga kubona bonke abantu babambe iqhaza ngokukhula kwe Xcel Running Club

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *